Article: 'Akashiye isikhundla sobuMengameli uRobert Mugabe'.(News)

UMHOLI ophezulu webandla lamaSheshi, u-Archbishop York John Sentamu wase-Uganda, usekhwele wadilika kuMengameli waseZimbabwe, uMnuz Robert Mugabe (osesithombeni), wathi akasuswe esikhundleni sobuMengameli aphinde abekwe amacala okudala izimpi ezingenasidingo.

Lo mholi ukusho lokhu kwi-website yaleli bandla kulezi zinsuku, waphinde wagcizelela nangokuthi akufanele kuxoshwe uMugabe nje yedwa, kodwa nalabo abavumelana naye ekuthatheni izinqumo kufanele basuswe baphele kuleliya zwe. USentamu uyaziwa ngokugxeka izenzo zikaMugabe njengoba nangonyaka odlule avela kumabonakude esika ukhololo wakhe uba yizicucu wathi uyoze awufake mzukwane uMugabe wehlika esikhundleni.

...

Related newspaper, magazine, and journal articles:

 
 
Newsweek Harper's Magazine The Washington Post Chicago Tribune Crain's Chicago Business PRNewswire Pediatric News The Nation Advertising Age The Economist (US) A FREE trial gives you access to over 80 million articles! Access over 6,500 publications with a FREE trial!